damnlyrics.com

Bengikwethemba

Bhekumuzi Luthuli - "Bengikwethemba"

[Pre-Chorus:]

Iqinis' alikh' emhlabeni

Nguwe lon' owenze kanjena kimi?

Iqinis' alikh' emhlabeni

Nguwe lona owenze kanjena kimi?

[Chorus:]

Beng'kwethemba ngikuhlebela zonk' izinto

Beng'kwethemba ngikuxoxela zonke

Beng'kwethemba ngikuhlebela zonk' izinto

Beng'kwethemba ngikuxoxela zonke

[Post-Chorus:]

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha ngethemb' umuntu

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha ngethemb' umuntu

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha

Nguwe lon' ongenze kanjena?

Nguwe lon' ong'hlinzel' ezibini?

[Refrain:]

(Vel' umunt' uyajika)

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jikela)

(Vel' umunt' uyajika)

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jikela)

(Vel' umunt' uyajika)

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jikela)

[Self-Praises:]

Thefeza mhla ubonwe zintombi zamoyizela kancane

Maqede bahlabek' olova

Dlula kanjalo phutha l'yenzeka

Mhlab' ujikel' obaqwe

Yimina mfana

Ng'u mfana kaMolo

Ng'phum' ezansi kwaMaphumulo

Inkomo zakithi ngay'shiya z'phuz' phans' eMaphisa

K'thiw' eziny' z'phuza phans' kwaMbhem'

Zash' ihosha

Kwaze kwasa uMaNzuza engalalele

Eyoxoxela uMaMvelase

Ukuth' akatshel' uMaZung' ukuthi akathath' inyathel'

Lent' ay'kaze yenzek' emzin' wendoda yakhile

Khwibi!

Lelisojana

Ng'ngase ngik'hlanganise ne-Knorrox

Maqede ngik'fak' izinyo

Ngik'bek' endawen' yakho lokhu

Ng'kuphethe ngomdladlav'

Umthwalo kaTholakele

Bath' yi-Abnormal

Mabili amasango

K'khon' elokuya nelok'buya ekhaya kwanina kwaRadebe

Hlikihla Dobson'

[Pre-Chorus:]

Iqinis' alikh' emhlabeni

Nguwe lon' owenze kanjena kimi?

Iqinis'alikh' emhlabeni

Nguwe lon' owenze kanjena kimi?

[Chorus:]

Beng'kwethemba ngikuhlebela zonk' izinto

Beng'kwethemba ngikuxoxela zonke

Beng'kwethemba ngikuhlebela zonk' izinto

Beng'kwethemba ngikuxoxela zonke

[Post-Chorus:]

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha ngethemb' umuntu

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha ngethemb' umuntu

Ngeke ng'phinde ngenz' iphutha

Nguwe lona owenze kanjena kimi?

Nguwe lona ong'hlinzel' ezibini?

[Reprise:]

(Konk' okuhl' ebeng' kwenzela kona)

(Aw'sakwazi)

(Sewukhumbul' okubi kodwa)

(Konk' okuhl' ebeng' kwenzela kona)

Yini eyashabalalisa ubuhle bami?

(Aw'sakwazi)

(Sewukhumbul' okubi kodwa)

(Konk' okuhl' ebeng' kwenzela kona

(Vel' umunt' unjalo)

Nemal' yam' sayidla nawe

(Konk' okuhl' ebeng'kwenzela kona)

(Aw'sakwaz')

(Sewukhumbul' okubi kodwa)

Nemal' yam' sayidla nawe

(Konk' okuhl' ebeng'kwenzela kona)

Yini eyashabalalisa ubuhle bami?

(Aw'sakwaz')

(Sewukhumbul' okubi kodwa)

(Konk' okuhl' ebeng'kwenzela kona)

(Vel' umunt' unjalo)

[Refrain:]

(Vel' umunt' uyajika)

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jikela)

Umunt' ulal' ephenduka

(Vel' umunt' uyajika)

Wajik' umuntu

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jikela)

Hhaw' umunt' ulal' ephenduka

(Vel' umunt' uyajika)

Wajik' umuntu

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jikela)

(Vel' umunt' uyajika)

(Kodwa ngang'ngaz' ukuthi naw' ungang'jike

Lyrics Submitted by Sanele D Ntuli

Enjoy the lyrics !!!