damnlyrics.com

Kwelami ikhaya

Kwelami lon'ikhaya

Akusekho nhlupho khona

Silibona ngamehl'enhliziyo

Akusekho ukukhala khona

Kunenjabulo yabangcwele. [X2]

Izinhlupho zakulelizwe

Azisoze zalinganiswa

Nemiqhele esibekelwe yon'ekhaya

Akusekho ukukhala khona

Kunenjabulo yabangcwele

Izinhlupho zakulelizwe

Azisoze zalinganiswa

Nenjabulo esibekelwe yon'ekhaya

Akusekho ukukhala khona

Kunenjabulo yabangcwele

Akusekho ukukhala khona

Kunenjabulo yabangcwele

Uyamenywa nawe sihlobo sami

Kulelokhaya lenjabulo

Akusekho ukukhala khona. [X2]

Ngithi sula lezo nyembezi

Ezigcwele amehlo akho

Phakamisela amehlo akho kuJehova

Owenzile izulu nomhlaba

Lapho usizo lwakho luvela khona

Lapho usizo lwakho luvela khona

Owenzile izulu nomhlaba. [X2]

Uyamenywa nawe sihlobo Sami

Kulelokhaya lenjabulo

Akusekho ukukhala khona

Lyrics Submitted by Athule Njongo

Enjoy the lyrics !!!