Verse 1
Ngiyabonga ngothando lwakho
Onginika lona njalo njalo
Wangikhetha bebaningi
Waba nami ebuhleni nasebubini
Ungubaba wezingane zami
Uzohlala ungubambo lwami
Ngavuma ngenhliziyo yami
Uyohlezi ulithemba lami
Chorus
Akekho omunye ofana
Nawe swidi lami
Verse 2
Ngiyashoda ngaphandle kwakho
Ngiyabonga ngezinkomo zakho
Wathembisa nabazali bami
Wathi uzohlala uhleli nami
Bridge
Hhawu ngodali wami
Hhawu ngesthandwa sami X2
Chorus
Enjoy the lyrics !!!