Ukhon'umoy' Ongcwele - Thulani Ga Ndlela
| Page format: |
Ukhon'umoy' Ongcwele Lyrics
Ukhona uMoya ongcwele umoya weqiniso
Nalapho kugcwel' ukuxokozela
Ngingenakuthula
Inhliziyo yami igcwele ukubalisa
Imidlinzo yenhliziyo yami
Ingiqhelisa ebukhoneni
BukaJehova
Kodwa ukhona umoya ongcwele.
Ukhon' umoyongcwele
Umoya weqiniso
Uyathulisa yonke imisindo enhliziyweni yami
Uyathulisa nesivunguvungu
Nesiphepho siyamlalela
Ngezwilakhe konke
Kuyathula kuthi nya.
Ameva ayahlaba
Impela kubabuhlungu
Kodwa ukhona umoya Ongcwele uyapholisa konke
Noma indlela ikhuphukela
Kuphela amandla endleleni yami.
Ukhona umoya ongcwele uyasipha amandla amasha
Noma uphoswa emilweni
Awuqedwa
Ngoba awuhambi wedwa
Ngoba uhamba noJehova umlilo oqothulayo.
Ukhon' umoyongcwele
Umoya weqiniso
Uyathulisa yonke imisindo enhliziyweni yami
Uyathulisa nesivunguvungu
Nesiphepho siyamlalela
Ngezwilakhe konke
Kuyathula kuthi nya.
Lyrics Submitted by Dumisani Motha