Umlayezo - Nkosenhle



     
Page format: Left Center Right
Direct link:
BB code:
Embed:

Umlayezo Lyrics


‘NKOSENHLE- UMYALEZO’ Lyrics
Ntombi angivamisile ukulandela umuntu ngimcefezelele, imvamisa uma esphumele obala ngokungabi nalo kwakhe uthando lwami.
Sekuze kwashona ilanga ngizama ukuku4nela ngingakutholi, ngaze ngadatshukelwa u voice mail yakho yathi yona, ingavolontiya ingigcinela umlayezo ukuze kuthi nxashane usuluvula ucingo lwakho uwuthole usukulindile.
Kuthange, izolo, nanamhlanje ngisalokhu ngishumayela yona leyontshumayelo yami yemihla nemihla, nkosazane ngivulele amasango enhliziyo yakho ngingenise nanku ubukhazikhazi benkephunkephu yothando lwami, olukhulu olulingana nezintaba zondi nokhahlamba.
Ngokwnza njalo kwakho, inhliziyo yami ingaphuma kulelibhodwe elinemilenze emithathu elibaselwe ngenkunzimalanga yelangabi lomlilo wenkathazeko.
Ngiyethemba nomphefumulo wami ungakhululeka kulamaketango osizi aboshelwe esihlahleni somzwangedwa maqede kwafaswa ngengididi enkulu yesibibithwane.
Ngiyazi ukuthi awusiyena umakhi kodwa bengicela uzongivusela umuzi kababa, amateku ami asaze aqothuka izithende okukajokhi ongushampeni e Claywood kwelemijaho ngigqabashula ngikulandela, ama brentwood ami sewaze wawazi ngemibala onke okwezinkomo zikayihlo azithola ngefa kuyihlomkhulu.
Ntombi ingakho namhlanje ngithi vuma ngikuthathe siwele imifula sigudle amahlathi siqombole size siyothi cababa ezintabeni zakwaNongoma, ngifike phezulu ngishaye kakhulu esami isigingci bese ngikuculela unqambothi lwengoma yothando.
Siyadela isipuni odla ngaso ngokungena kulowo mlomo siphinde sizenzele naku lolo limu, ngingalidleli umona nalelothawula ogeza ngalo lona eligijima umzimba wakho wonke, lize liyothinta nalapha okungathinti khona muntu okuthinta khona wena wedwa.
Uthando lwakho lungishaya ding dong enhlizweni kunkenkethe kuze kuyonsonsotha ngisho nakumakhelwane bayo izibindi namaphaphu.
Ngiqinisile ngiqisile uma ngingathandwa nguwe ngingantshontsha ngisho izinkomo zesilo enyokeni, ngikulobole ngimane ngidingiswe ngilifulathele elikamthaniya. Nkosazane enhle emhlophe njengo phuthu olungenasishebo, angingaze ngife ngikhala okwe radio ka Vusi Mkhonza, nangu lona owaye phatha isibuko epopola ngaso amantombazane esasifunda nawo usekhendiya esigubudu.
Sengikhulume ngaze ngakhohlwa ukuthi konje angikhulumi nawe kodwa ngishiya umyalezo. Nangu nalomfazi womlungi akasanginike thuba ungixwayisa ngokuphela kosheleni ebengibafakile eseluleni yami.
Ntombi ngaphandle kokwenzelela, ngiyathemba nawe uyayizwela ukuthi kahle kahle akupheli mina, kuphela i-Airtime. Ukube kuya ngami ngabe ngisaqhubeka nokuyicelela uthando.
Lyrics Submitted by Lindokuhle J Ndlovu

Enjoy the lyrics !!!